IsiLilo 3:1-24

IsiLilo 3:1-24 ZUL59

Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe. Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni, kungesikho ekukhanyeni. Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku. Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami. Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka. Ungihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa. Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde. Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami. Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa imikhondo yami. Ukimi njengebhere* eliqamekelayo nengonyama ezindaweni ezisithekileyo. Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo. Wansala umnsalo wakhe, wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo. Wahlaba izinso zami ngemicibisholo yesambo sakhe. Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke. Wangisuthisa ngokubabayo, wangigcwalisa ngomhlonyane. Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha. Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla. Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.” Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.

Funda IsiLilo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo