UJoshuwa 20:1-6

UJoshuwa 20:1-6 ZUL20

USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi. Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo. Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini. Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo