UJoshuwa 20:1-6

UJoshuwa 20:1-6 ZUL59

UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi. “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo. Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi. Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo