UJoshuwa 20:1-6
UJoshuwa 20:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi. Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo. Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini. Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”
UJoshuwa 20:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi. “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo. Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi. Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”
UJoshuwa 20:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Phumani imizi ekhululekileyo engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMozisi. Ukuze umbulali obulala umuntu engazi nangokungazi abalekele khona; ziyakuba yisiphephelo senu kumphindiseli wegazi. Nxa obalekela komunye waleyo mizi emi ngasesikhaleni sesango lomuzi, ekhuluma indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, amngenise emzini ngenxa yabo, amnike indawo, ukuze amkhulule. Angahlala phakathi kwabo. Uma umphindiseli wegazi emxosha, abanakumnikela umbulali esandleni sakhe; ngoba watshaya umakhelwane wakhe ngokungazi njalo kazange amzonde ngaphambili. Kumelwe ahlale kulowo muzi aze ame phambi kwenhlangano ukuze ahlulelwe futhi kuze kube sekufeni kompristi ophakeme oyoba khona ngalezo zinsuku, eya emzini abalekela kuwo.