USimakade uyakhuluma uthi:
“Ngisho namanje buyelani kimi
ngenhliziyo yenu nonke,
ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”
Dabulani izinhliziyo zenu,
hhayi izingubo zenu,
nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu,
ngokuba unomusa nesihawu,
uyephuza ukuthukuthela,
unesihe nothando olungenamkhawulo,
uyaxolela angabe esajezisa.
Ngubani owaziyo uma engabuya axolele,
ashiye isibusiso emva kwakhe,
kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo
kuSimakade uNkulunkulu wenu na?
Bethani uphondo eZiyoni,
nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla,
nibize umhlangano.
Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano,
niqoqe amalunga,
izingane nezinsana ezisancela.
Umyeni makaphume ekamelweni lakhe
nomlobokazi emgonqweni wakhe.
Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade,
mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi:
“Hawukela abantu bakho, Simakade,
ungalenzi ifa lakho libe yinto
yokuthukwa nenhlekisa,
kungani kufanele bathi
phakathi kwabezizwe:
‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
USimakade walihawukela izwe lakhe,
waba nesihe kubantu bakhe.
USimakade waphendula wathi kubantu bakhe:
“Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu,
iwayini elisha namafutha amasha,
niyakusutha ngakho,
ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.
Ngiyakuyidudulela kude nani
impi yasenyakatho,
ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo,
ubuso bayo bubheke
ngasolwandle empumalanga,
ingemuva layo lifulathele
ngasolwandle entshonalanga,
ukunuka kwayo kukhuphuke,
kwenyuke nephunga layo elibi,
ngokuba wenze izinto ezinkulu.
“Lizwe, ungesabi;
jabula uthokoze,
ngokuba uSimakade wenzile izinto ezinkulu.
Zilwane zasendle, ningesabi,
ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza,
impela nezihlahla zithela izithelo,
umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.
Jabulani, bantu baseZiyoni,
nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu,
ngokuba unipha imvula
yokuqala ngokulunga,
uninisele imvula yokuqala
neyakamuva ngenyanga yokuqala.
Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu,
izikhamo ziphuphume iwayini
elisha namafutha amasha.
“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane,
amaqhwagi, isibotho nenkasa,
impi yami enkulu engayithumela kini.
Impela niyakudla nisuthe,
nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu
onenzele okumangalisayo;
abantu bami abayukujabha ingunaphakade.
Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli,
nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu,
akekho omunye;
abantu bami abayukujabha
kuze kube phakade.
“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami
phezu kwabo bonke abantu.
Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha,
abadala benu baphuphe amaphupho,
izinsizwa zenu zibone imibono.
Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami
naphezu kwezinceku nezincekukazi.
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,
igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,
inyanga ibe yigazi,
lungakafiki usuku olukhulu
nolwesabekayo lukaSimakade.
Kepha kuyakuthi bonke
ababiza igama likaSimakade baphunyuke,
ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema
kuyakuba khona abasindileyo
njengoba eshilo uSimakade,
labo abayakubizwa nguSimakade.”