UJoweli 2

2
Usuku LukaSimakade Nempi Yakhe Enkulu
1Bethani uphondo eZiyoni,
nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele,
mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni,
ngokuba luyeza usuku lukaSimakade,
impela selusondele.
2Usuku lobumnyama nesigayegaye,
usuku lwamafu nobumnyama obukhulu,
njengentathakusa yendlaleka ezintabeni,
kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla
abangakaze babekhona kwasemandulo,
nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo
kuze kube yiminyaka
yezizukulwane ngezizukulwane.
3Phambi kwabo kuqothula umlilo,
emva kwabo kuvutha ilangabi;
izwe eliphambi kwabo
linjengensimu e-Edeni,
kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho,
akukho okuphunyukayo kubo.
4Ukubukeka kwabo kufana nesimo samahhashi,
bagijima njengabagibele amahhashi empi.
5Bagqabashiya kube sengathi
ngumsindo wezinqola ezicongweni zezintaba,
nanjengomsindo welangabi lomlilo
ongqongqisa amahlanga,
banjengabantu abanamandla abavivela ukulwa.
6Phambi kwabo izizwe ziyathuthumela,
ubuso bonke buphaphatheke.
7Bagijima njengamaqhawe,
njengamabutho empi ekhuphuka ongangeni.
Bayahamba, kube yilowo nalowo
ngendlela yakhe,
abaphambuki endleleni yabo.
8Abakhubani omunye nomunye;
bayahamba,
kube yilowo nalowo endleni yakhe;
abayeki ukungena ngodli phakathi kwezikhali.
9Batheleka emzini,
bagijime ogangeni;
bakhuphukele ezindlini,
bangulukudele ngamafasitela njengesela.
10Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,
isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo.
Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe,
nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.
11USimakade ulikhiphile izwi lakhe
phambi kwempi yakhe,
ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu,
impela owenza izwi lakhe unamandla.
Nokho usuku lukaSimakade lukhulu,
futhi luyesabeka ngokwedlulele.
Pho ngubani ongalumela na?
Isikhathi Sokuphenduka
12USimakade uyakhuluma uthi:
“Ngisho namanje buyelani kimi
ngenhliziyo yenu nonke,
ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”
13Dabulani izinhliziyo zenu,
hhayi izingubo zenu,
nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu,
ngokuba unomusa nesihawu,
uyephuza ukuthukuthela,
unesihe nothando olungenamkhawulo,
uyaxolela angabe esajezisa.
14Ngubani owaziyo uma engabuya axolele,
ashiye isibusiso emva kwakhe,
kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo
kuSimakade uNkulunkulu wenu na?
15Bethani uphondo eZiyoni,
nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla,
nibize umhlangano.
16Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano,
niqoqe amalunga,
izingane nezinsana ezisancela.
Umyeni makaphume ekamelweni lakhe
nomlobokazi emgonqweni wakhe.
17Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade,
mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi:
“Hawukela abantu bakho, Simakade,
ungalenzi ifa lakho libe yinto
yokuthukwa nenhlekisa,
kungani kufanele bathi
phakathi kwabezizwe:
‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
18USimakade walihawukela izwe lakhe,
waba nesihe kubantu bakhe.
19USimakade waphendula wathi kubantu bakhe:
“Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu,
iwayini elisha namafutha amasha,
niyakusutha ngakho,
ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.
20Ngiyakuyidudulela kude nani
impi yasenyakatho,
ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo,
ubuso bayo bubheke
ngasolwandle empumalanga,
ingemuva layo lifulathele
ngasolwandle entshonalanga,
ukunuka kwayo kukhuphuke,
kwenyuke nephunga layo elibi,
ngokuba wenze izinto ezinkulu.
21“Lizwe, ungesabi;
jabula uthokoze,
ngokuba uSimakade wenzile izinto ezinkulu.
22Zilwane zasendle, ningesabi,
ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza,
impela nezihlahla zithela izithelo,
umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.
23Jabulani, bantu baseZiyoni,
nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu,
ngokuba unipha imvula
yokuqala ngokulunga,
uninisele imvula yokuqala
neyakamuva ngenyanga yokuqala.
24Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu,
izikhamo ziphuphume iwayini
elisha namafutha amasha.
25“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane,
amaqhwagi, isibotho nenkasa,
impi yami enkulu engayithumela kini.
26Impela niyakudla nisuthe,
nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu
onenzele okumangalisayo;
abantu bami abayukujabha ingunaphakade.
27Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli,
nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu,
akekho omunye;
abantu bami abayukujabha
kuze kube phakade.
28“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami
phezu kwabo bonke abantu.
Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha,
abadala benu baphuphe amaphupho,
izinsizwa zenu zibone imibono.
29Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami
naphezu kwezinceku nezincekukazi.
30Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,
igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.
31Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,
inyanga ibe yigazi,
lungakafiki usuku olukhulu
nolwesabekayo lukaSimakade.
32Kepha kuyakuthi bonke
ababiza igama likaSimakade baphunyuke,
ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema
kuyakuba khona abasindileyo
njengoba eshilo uSimakade,
labo abayakubizwa nguSimakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJoweli 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo