UJoweli 2:12-32
UJoweli 2:12-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.” Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa. Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na? Bethani uphondo eZiyoni, nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano. Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe. Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ” USimakade walihawukela izwe lakhe, waba nesihe kubantu bakhe. USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni. Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu. “Lizwe, ungesabi; jabula uthokoze, ngokuba uSimakade wenzile izinto ezinkulu. Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu. Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala. Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu, izikhamo ziphuphume iwayini elisha namafutha amasha. “Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini. Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade. Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade. “Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono. Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami naphezu kwezinceku nezincekukazi. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade. Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”

UJoweli 2:12-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.” Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi. Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na? Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe. Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ” UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe. UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe. “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu. Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu. Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho. Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni. Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha. “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu. Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono; naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova. Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.
UJoweli 2:12-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho-ke, manje, kusho uJehova, phendukani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla nangokukhala nangokulila. Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini. Ngubani owaziyo uma eyobuya futhi aphenduke futhi ashiye isibusiso ngemva kwakhe; umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo kuJehova uNkulunkulu wenu na? Vuthelani icilongo eSiyoni, ningcwelise usuku lokuzila, nibize umhlangano ozothileyo. Buthani abantu, ningcwelise ibandla, amalunga aqoqe, abuthe abantwana nabamunya amabele; akaphume umyeni ekamelweni lakhe, nomakoti aphume engutsheni yakhe. Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na? Khona-ke uJehova uyakuba nomhawu ngezwe lakhe, abe nesihe kubantu bakhe. Yebo, uJehova uyakuphendula athi kubantu bakhe: “Bhekani, nginithumelela ukolweni newayini namafutha, nisuthe ngakho; angisayikunenza nibe yihlazo phakathi kwezizwe. Kodwa ngiyoyidedisela kude nani impi yasenyakatho ngilixoshele ezweni eliwugwadule neliyincithakalo, ubuso balo bubheke oLwandle LwaseBaltiki nezinqe zalo zibheke ngaselwandle lwasentshonalanga, ukunuka kwalo kukhuphuke, kukhuphuke iphunga lalo elibi; ngoba wenza izinto ezinkulu. Ungesabi, zwe; jabula ujabule, ngokuba uJehova uyakwenza izinto ezinkulu. Ningesabi nina zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asogwadule ahluma, ngokuba umuthi uthela izithelo zawo, umkhiwane nomvini kuyabanika amandla. Ngakho-ke thokozani, bantwana baseSiyoni, nijabule kuJehova uNkulunkulu wenu, ngoba umisile izimvula zokuqala, futhi uyonehlisela imvula, imvula yokuqala nemvula yamuva ngenyanga yokuqala. Izibuya ziyogcwala ukolweni, namanoni ayochichima iwayini namafutha. Ngiyakunibuyisela iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezimpethu, nezinkumbi, nempethu, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu. Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akasiye omunye; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono. Naphezu kwezinceku nezincekukazi ngiyakuthulula uMoya wami ngalezo zinsuku. Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.