UJobe 8:2-13

UJobe 8:2-13 ZUL20

“Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na? Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na? Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo. Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu, umnxusa uSomandla, uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo. Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu. Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo, uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo, ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi. Bona abayukukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na? Umhlanga ungahluma yini lapho kungenaxhaphozi khona na? Ibhuma lingamila yini kungekho amanzi na? Uma liseluhlaza, lingakakhiwa, liyabuna phambi kwabo bonke utshani. “Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.

Funda UJobe 8