UJobe 8:2-13

UJobe 8:2-13 ZUL59

“Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na? UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na? Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo, khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu, unxuse kuye uSomandla, uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho. Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu. Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala, uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo, ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi; bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na? Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na? Incema ingamila kungekho manzi na? Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani. “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka

Funda UJobe 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo