UJobe 8:2-13
UJobe 8:2-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na? Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na? Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo. Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu, umnxusa uSomandla, uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo. Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu. Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo, uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo, ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi. Bona abayukukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na? Umhlanga ungahluma yini lapho kungenaxhaphozi khona na? Ibhuma lingamila yini kungekho amanzi na? Uma liseluhlaza, lingakakhiwa, liyabuna phambi kwabo bonke utshani. “Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
UJobe 8:2-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na? UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na? Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo, khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu, unxuse kuye uSomandla, uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho. Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu. Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala, uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo, ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi; bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na? Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na? Incema ingamila kungekho manzi na? Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani. “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka
UJobe 8:2-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Koze kube nini ukhuluma lezi zinto? Koze kube nini amazwi omlomo wakho enjengomoya onamandla? UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na? Uma abantwana bakho bonile kuye, yena ebalahlile ngenxa yesiphambeko sabo; Uma ufuna ukufuna uNkulunkulu ngesikhathi futhi wenze ukunxusa kwakho kuSomandla; Uma uhlanzekile, uqotho; impela Wayezonivukela futhi aphumelelise indawo yokuhlala yokulunga kwenu. Noma ukuqala kwakho bekukuncane, nokho ukuphela kwakho kuyakwanda kakhulu. Ngokuba bheka ekhulwini elidlule, uzilungiselele ukuhlolwa koyise. (Ngokuba singabayizolo, asazi lutho, ngokuba izinsuku zethu emhlabeni ziyisithunzi;) Kabayikukufundisa yini, bakutshele, bakhulume amazwi asuka enhliziyweni yabo? Izihlahla zingakhula ngaphandle kodaka na? ifulegi lingakhula ngaphandle kwamanzi? Uma iseluhlaza futhi ingakanqunywa, iyabuna ngaphambi kwanoma iyiphi enye imifino. Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu; nethemba lomzenzisi liyoshabalala.