UJobe 8

8
Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi
1Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:
2 “Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto,
amazwi akho abe ngumoya
onamandla, na?
3 Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa,
uSomandla aphendukezele ukulunga na?
4 Uma abantwana bakho bonile kuye,
wabanikela emandleni eziphambeko zabo.
5 Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu,
umnxusa uSomandla,
6 uma uhlambulukile, uqotho,
Yena uyokubheka,
akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.
7 Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane,
nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.
8 Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo,
uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo,
9 ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi;
izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.
10Bona abayukukufundisa yini, bakutshele,
bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na?
11Umhlanga ungahluma yini
lapho kungenaxhaphozi khona na?
Ibhuma lingamila yini
kungekho amanzi na?
12Uma liseluhlaza, lingakakhiwa,
liyabuna phambi kwabo bonke utshani.
13 “Zinjalo-ke izindlela zabo bonke
abakhohlwa nguNkulunkulu,
ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
14 Ithemba lakhe liyakunqunywa,
nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
15 Uyakwencika endlini yakhe,
kepha ayiyukuma;
uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.
16 Yena uluhlaza phambi kwelanga;
imixhantela yakhe iyenaba ensimini yakhe.
17Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe,
zikhule phakathi kwamatshe.
18 Uma ebhujiswa endaweni yakhe,
iyakumphika ithi:
‘Angikaze ngikubone.’
19 Bheka, lokho kuyindlela yakhe yokuthokoza.
Kusazovela omunye othulini.
20 “Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici,
akayukuzibamba izandla zabenza okubi,
21 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka,
nezindebe zakho ngenhlokomo yokwethaba.
22 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo;
ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume