UJobe 39:1-8

UJobe 39:1-8 ZUL20

“Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na? Ungazibala yini izinyanga zokumitha kwazo, wazi nokuthi zizozala nini na? Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo, zikhululeke lapho sezizele. Amazinyane azo ayaqina, akhulela endle, ahambe, angabe esaphindela kuzo. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo, wenza ihlane laba yindlu yayo, nezwe likasawoti, indawo yayo yokuhlala na? Iyawuhleka umsindo ovela emzini, ayikuzwa ukumemeza komshayeli. Iyahamba ezintabeni eziyidlelo layo, ifuna lonke uhlaza.

Funda UJobe 39

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo