UJobe 39:1-8

UJobe 39:1-8 ZUL59

“Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na? Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na? Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo. Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo, engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na? Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli. Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza.

Funda UJobe 39

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo