UJobe 39:1-8
UJobe 39:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na? Ungazibala yini izinyanga zokumitha kwazo, wazi nokuthi zizozala nini na? Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo, zikhululeke lapho sezizele. Amazinyane azo ayaqina, akhulela endle, ahambe, angabe esaphindela kuzo. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo, wenza ihlane laba yindlu yayo, nezwe likasawoti, indawo yayo yokuhlala na? Iyawuhleka umsindo ovela emzini, ayikuzwa ukumemeza komshayeli. Iyahamba ezintabeni eziyidlelo layo, ifuna lonke uhlaza.
UJobe 39:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na? Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na? Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo. Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo, engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na? Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli. Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza.
UJobe 39:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyasazi yini isikhathi lapho izimbuzi zasendle zizala khona na? noma ungakwazi ukumaka lapho indluzelekazi ithola amathole? Ungazibala yini izinyanga aziqedayo? noma uyasazi isikhathi ezizala ngaso na? Ziyakhothama, zizala amazinyane azo, zikhiphe usizi lwazo. Abancane babo banesimo esihle, bakhula kanye nokolweni; bayaphuma bangabuyeli kubo. Ngubani owakhulula imbongolo yasendle? Ngubani owathukulula izibopho zikababhemi wasendle? engenze indlu yayo ibe yizigwadule, nomhlabathi owugwadule ube yizindlu zawo. Uyadelela isixuku somuzi, akakunaki ukukhala komshayeli. Izintaba zingamadlelo akhe, futhi ubheka konke okuluhlaza.