Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi. Yayizele amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga. Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye. Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.
Funda UJobe 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 1:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo