Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi. Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga. Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo. Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.
Funda UJobe 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 1:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo