UJobe 1

1
Isimo SikaJobe
Ukwesaba Kwakhe UNkulunkulu Nokuqala Kokuhlupheka
1 Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi. 2 Yayizele amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. 3 Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
4Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye. 5 Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.”
Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.
6Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo. 7 USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?”
USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngivela ekuzulazuleni emhlabeni, ngehla ngenyuka kuwo.”
8USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”
9USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngabe uJobe umesaba uNkulunkulu kungenasizathu na? 10 Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni. 11 Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”
12USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.”
USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade.
Ukufa Kwabantwana BakaJobe Nokubonga Kwakhe USimakade
13Kwathi ngolunye usuku, lapho amadodana namadodakazi kaJobe edla, ephuza iwayini endlini yezibulo lakhe, 14kwafika isigijimi kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabe eduze nazo, 15 ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
16 Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
17 Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
18Sisakhuluma naleso kwafika esinye, sathi: “Amadodana namadodakazi akho abedla, ephuza iwayini endlini yendodana yakho endala, 19kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
20 UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, 21 wathi:
“Ngaphuma ngize
esizalweni sikamame,
futhi ngizobuyela
khona ngize.
USimakade usisile,
uSimakade usethathile;
malibongwe igama likaSimakade.”
22Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo