NgokukaJohane 6:35-40

NgokukaJohane 6:35-40 ZUL20

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 6:35-40

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo