NgokukaJohane 6:35-40
NgokukaJohane 6:35-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”
NgokukaJohane 6:35-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.
NgokukaJohane 6:35-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.
NgokukaJohane 6:35-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”