NgokukaJohane 6:16-21

NgokukaJohane 6:16-21 ZUL20

Kuthe sekuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, bagibela esikebheni, bawela ulwandle beya ngaphesheya eKhaphernawume. Kwase kuhlwile, kepha uJesu wayengakafiki kubo. Kwasuka isivunguvungu esikhulu, kwadlanga amaza olwandle. Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. Kepha wathi kubo: “YiMina, ningesabi.” Ngakho-ke bafuna ukumgibelisa esikebheni, kepha isikebhe safika masinyane ezweni ababeya kulo.