Johane 6:16-21

Johane 6:16-21 CZB24

Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle. Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo. Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu. Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi. Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.

Funda Johane 6