NgokukaJohane 16:7-15

NgokukaJohane 16:7-15 ZUL20

Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile Yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela. Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli lizwe wahlulelwe. “Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.