Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela; ngesono, ngoba bengakholwa kimi; Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe. Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami
Funda Johane 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 16:7-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo