NgokukaJohane 16:7-15
NgokukaJohane 16:7-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela; ngesono, ngoba bengakholwa kimi; Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe. Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami
NgokukaJohane 16:7-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile Yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela. Mayelana nesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli lizwe wahlulelwe. “Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.
NgokukaJohane 16:7-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
NgokukaJohane 16:7-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)