NgokukaJohane 12:44-50

NgokukaJohane 12:44-50 ZUL20

Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo. Obona Mina ubona ongithumileyo. Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. “Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise. Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela. Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”