NgokukaJohane 12:44-50
NgokukaJohane 12:44-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi, kakholwa yimi, kodwa nakulowo ongithumileyo. Ongibonayo mina ubona ongithumileyo. Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. Uma umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli; Ongalayo, engawamukeli amazwi ami, unomahlulelayo; Ngokuba angikhulumanga ngokwami; kodwa uBaba ongithumileyo nguyena onginike umyalo, engizakusho, nokuthi ngiyakukhulumani. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade
NgokukaJohane 12:44-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo. Obona Mina ubona ongithumileyo. Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. “Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise. Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela. Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”
NgokukaJohane 12:44-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. “Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina. Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”
NgokukaJohane 12:44-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)