NgokukaJohane 12:12-19

NgokukaJohane 12:12-19 ZUL20

Ngakusasa abantu abaningi abebeze emkhosini, sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, bathatha amagatsha esundu, baphuma bayomhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Yebo, iNkosi yakwa-Israyeli!” UJesu esefumene ithole lembongolo, wagibela kulo, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ungesabi, ndodakazi yaseZiyoni; inkosi yakho iyeza, igibele ithole lembongolo.” Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye. Ngakho-ke isixuku esasinaye ngesikhathi ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza. Yingakho-ke isixuku sahamba samhlangabeza, ngokuba sasizwile ukuthi wenze leso sibonakaliso. Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 12:12-19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo