Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe owayezakumkhaphela, wathi: “Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangama-300, kwabelwe abampofu na?” Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke, ukuze awalondolozele usuku lokungcwatshwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”
Funda NgokukaJohane 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 12:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo