NgokukaJohane 12:1-8

NgokukaJohane 12:1-8 ZUL59

Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 12:1-8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo