UJeremiya 51

51
Ukujeziswa KweBhabhele
1Usho kanje uSimakade, uthi:
“IBhabhele nabakhileyo eLebhi Khamayi,
ngiyakubavusela umoya wombhubhisi.
2Ngiyothumela abafokazi eBhabhele,
abayolihlunga,
balithulule,
balenze incithakalo izwe lalo;
ngokuba ngosuku lwenhlekelele
bayolithelekela nxazonke.
3Ningamniki thuba lokuciba
ngomnsalo wakhe owaseBhabhele,
makangahlomi ngezikhali zakhe.
Izinsizwa zalo ningazisindisi,
niwaqede nya amabutho alo.
4Bayakuwa begwaziwe ezweni lamaKhaledi,
bemanxebanxeba emigwaqweni yalo.
5Ngokuba u-Israyeli noJuda
akabahlamukanga uNkulunkulu wabo,
nakuba izwe labo lonakele koNgcwele ka-Israyeli.
6“Balekani eBhabhele,
kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe,
ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo,
ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade,
uyakuphindisela kulo.
7IBhabhele beliyindebe yegolide,
esandleni sikaSimakade,
eyadakisa umhlaba wonke;
izizwe zaliphuza iwayini lalo,
ngalokho izizwe seziyahlanya.
8IBhabhele seliwe ngokuphazima kweso,
libhidliziwe.
Likhihleleni isililo,
ubuhlungu balo nibutholele ibhalisamu,
hleze lingelapheka.
9“Ngabe silelaphile iBhabhele,
kodwa alelapheki,
lishiyeni, masihambe,
kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo,
ngokuba ukwehlulelwa kwalo
kufinyelela ezulwini,
kuphakanyiselwe nasemafini.
10“USimakade ukubonakalisile ukunqoba kwethu;
wozani siyobika eZiyoni,
ngomsebenzi awenzile
uSimakade uNkulunkulu wethu.
11“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu.
USimakade uvivise amakhosi aseMediya,
ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele
ngukuba alibhubhise;
lokhu kuyimpindiselo kaSimakade,
impindiselo ngethempeli lakhe.
12Phakamisani ibhanela ngasogangeni eBhabhele,
nengeze abaqaphi,
nimise abalindi,
nibeke abazolala unyendle,
ngokuba uSimakade ukuhlosile,
futhi uyakukwenza lokho
akhuluma ngakho kwabakhileyo eBhabhele.
13Wena ohlala ngasemanzini amaningi,
nonengcebo eningi;
isiphetho sakho sesifikile,
isikhathi sokunqanyulwa kwempilo yakho njengomucu.
14USimakade Wamabandla
uzifunga Yena uqobo, uthi:
impela ngiyakukuthelekela
ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane,
ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.
15“Umhlaba wawenza ngamandla akhe,
izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe,
ngokuqonda kwakhe weneka izulu.
Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
16Lapho eduma ngezwi lakhe,
kuhlokoma amanzi ezulwini;
ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba,
athumele umbani nemvula,
akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.
17“Bonke abantu bayiziphukuphuku,
abanalwazi;
bonke ababumbi bathelwe ngehlazo,
nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso;
azinamphefumulo.
18Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa,
ngesikhathi abayojeziswa ngaso ziyakushabalala.
19Isabelo sikaJakobe asifani nalaba,
ngokuba nguye okubumbileyo konke;
u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe;
nguSimakade Wamabandla igama lakhe.
20“Uyizembe lami nezikhali zokulwa;
ngawe ngiphahlaza izizwe,
ngawe ngibhubhisa imibuso,
21ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo,
ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,
22ngawe ngiphahlaze abesilisa nabesifazane,
ngawe ngiphahlaze abadala nabancane,
ngawe ngiphahlaze izinsizwa nezintombi.
23Ngawe ngiphahlaze umelusi nomhlambi wakhe,
ngawe ngiphahlaze umlimi nezinkabi zakhe,
ngawe ngiphahlaze ababusi nezikhulu.
24“Ngiyakuziphindiselela kulo iBhabhele, nakubo bonke abakhileyo eKhalideya, ngakho konke okubi abakwenze eZiyoni, nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.
25“Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade,
“wena obhubhisa umhlaba wonke;
ngiyakwelula isandla sami
ngikushaye,
ngikugingqagingqe emadwaleni,
ngikuphendule intaba eshisiweyo.
26Abayukuthatha kuwe itshe legumbi
netshe lesisekelo,
ngokuba uyakuba yincithakalo, kuze kube phakade,” kusho uSimakade.
27“Phakamisani ibhanela ezweni,
nishaye icilongo ezizweni,
nivivise izizwe ukuba zilwe nalo,
nibize imibuso yase-Ararathi,
yaseMini nase-Ashikhenaze, ilihlasele.
Nibeke induna yamabutho amelane nalo,
nithumele khona amahhashi anjengequlu lesikhonyane.
28Vivisani izizwe,
amakhosi aseMediya,
nezinduna zalo, nababusi balo,
nezwe lonke abalibusayo.
29Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele;
ngokuba inhloso kaSimakade ngeBhabhele izofezeka,
enze iBhabhele libe yincithakalo,
ukuze kungabi bikho ohlala kulo.
30Amaqhawe aseBhabhele aseyekile ukulwa,
asehlala ezinqabeni zawo;
aphelelwe ngamandla,
anjengamanina;
izindlu zalo zishisiwe,
imigoqo yalo inqanyuliwe.
31Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye,
nesithunywa silandela esinye
ukuyobikela inkosi yaseBhabhele,
ukuthi umuzi wayo usudliwe nxazonke.
32Amazibuko avinjiwe,
umhlanga washiswa ngomlilo,
amabutho ayathuthumela.”
33Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:
“Indodakazi yaseBhabhele injengesibuya,
ngesikhathi sinyathelwa.
Kuseyisikhashana nje,
sizofika nakuyo isikhathi sokuvunwa kwayo.”
34UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele
ungidlile wangiqeda;
ungenze isitsha esingenalutho,
wangigwinya njengodrago;
ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami,
wangiphalaza.
35“Ubudlova obenziwe kimi nakubantu bakithi,
mabube phezu kweBhabhele;”
makasho kanjalo owakhileyo eZiyoni.
“Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKhalideya;”
malisho kanjalo iJerusalema.
36Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi:
“Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho,
ngikuphindiselele,
ngilomise ulwandle lwalo,
ngenze umthombo walo ushe.
37IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe,
indawo ehlala amakhanka;
incithakalo nento enximfelwayo,
kungabi bikho ohlala khona.
38Khona abantu babhonga kanyekanye njengezingonyama,
babhodle njengamabhongo ezingonyama.
39Kuyothi lapho sebefa yindlala,
ngibenzele idili,
ngibadakise ukuze baquleke,
balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.
40“Ngiyakubehlisa bayohlatshwa njengamawundlu,
nanjengezinqama nezimpongo.
41“Maye, ngokuthunjwa kweSheshakhi,
nokubanjwa kwezwe elalinodumo emhlabeni wonke!
Maye, iBhabhele seliyinto esabekayo ezizweni!
42Ulwandle lwenyukele eBhabhele,
lwalisibekela ngamaza alo ahlokomayo.
43Imizi yakhona ibhujisiwe;
sekuyizwe elomileyo, nehlane;
izwe elingasahlalwa muntu,
ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.
44Ngiyakujezisa uBheli eBhabhele,
ngikukhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;
izizwe azisayukugobhozela kuye,
ugange lwaseBhabhele luyakuwa.
45“Phumani kulo, bantu bami,
kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe
olakeni lukaSimakade oluvuthayo.
46Izinhliziyo zenu mazingadangali,
ningayesabi imibiko eniyizwa ezweni;
lapho ngalo nyaka kufika umbiko othile,
kuthi ngolandelayo kufike omunye umbiko;
kube nobudlova ezweni,
umbusi avukele umbusi.
47Ngakho bheka,
ziyeza izinsuku,
lapho ngiyozijezisa
izithombe ezibaziweyo zaseBhabhele,
izwe lakhona lijabhe,
bonke ababuleweyo badindilize kulo.
48Izulu nomhlaba,
nakho konke okukulo, kuqhumuke,
kuhlabelele ngeBhabhele,
ngokuba ababhubhisi bayakulithelekela
bevela enyakatho,” kusho uSimakade.
49“IBhabhele kufanele ukuba nalo liwe,
ngenxa yababuleweyo bakwa-Israyeli,
njengoba ababulawa emhlabeni wonke,
babulawa ngenxa yeBhabhele.
50Nina eniphunyuke enkembeni,
hambani, ningami;
khumbulani uSimakade nikwelikude izwe,
nicabange ngeJerusalema.
51“Sijabhile, ngokuba sithukiwe;
ubuso bethu buthelwe ngehlazo,
ngokuba abafokazi bangene
ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”
52“Ngakho bheka,
ziyeza izinsuku,
lapho ngiyozijezisa izithombe zalo ezibaziweyo,
kulo lonke izwe lakhona
kuqume abalimeleyo,” kusho uSimakade.
53“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni,
liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo,
nokho ngiyakuthumela ababhubhisi,
balithelekele,” kusho uSimakade.
54“Yizwani umsindo wokukhala kalusizi
uvela eBhabhele,
nowencithakalo enkulu
ophuma ezweni lamaKhaledi.
55Ngokuba uSimakade uyalibhubhisa iBhabhele,
awuqede umsindo omkhulu kulo.
Amaza alo ahlokoma njengamanzi amaningi,
kuzwakala nomsindo wokuhlokoma kwawo.
56Ngokuba umbhubhisi uselithelekele,
uhlasele iBhabhele,
kuthunjwa amabutho alo,
neminsalo yawo iyaphoqozwa,
ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo,
uphindisela ngokupheleleyo.
57Ngiyakudakisa izikhulu zalo;
izihlakaniphi zakhona,
izinduna zalo,
ababusi balo,
namabutho alo;
bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,”
kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.
58Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:
“Ugange olubanzi lwaseBhabhele
luyakubhidlizwa nokubhidlizwa,
amasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo.
Abantu bakhandlekela ize,
nomshikashika wezizwe uzophelela emlilweni.”
Izwi UJeremiya Ayala Ngalo USereya
59Izwi uJeremiya, umphrofethi, ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya kaMakhaseya, ngesikhathi ehamba noZedekiya, inkosi yakwaJuda, beya eBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula. 60UJeremiya wawaloba emqulwini wonke amazwi enhlekelele yonke eyayizokwehlela iBhabhele; wonke lawo mazwi alotshwe mayelana neBhabhele. 61UJeremiya wathi kuSeraya: “Kuyakuthi nje lapho ufika eBhabhele, uqikelele ukuba uwafunde wonke lawa mazwi, 62uthi: ‘Simakade, Wena ukhulumile ngale ndawo ukuthi uzoyiqeda ukuze kungabi bikho muntu nasilwane okuhlala kuyo, ngoba izokuba yihlane, kuze kube phakade.’ 63Kuyothi lapho usuqedile ukuwufunda lo mqulu, uwubophele etsheni, uwuphonse emfuleni iYufrathe, 64uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ”
Aphela lapha amazwi kaJeremiya.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 51: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume