UJeremiya 50

50
Isiphrofetho SikaJeremiya NgeBhabhele
1Izwi uSimakade alikhuluma ngeBhabhele, nangezwe lamaKhaledi, ngomlomo kaJeremiya, umphrofethi, lithi:
2“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe,
niphakamise ibhanela,
nikumemezele lokhu ningakufihli,
nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa,
uBheli athelwe ngehlazo,
uMerodakhi abhujiswe,
izithombe zalo zithelwe ngehlazo,
imifanekiso yalo ibhujiswe.’
3Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe
esivela enyakatho,
esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo,
kungabi bikho ohlala kulo;
abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”
Ukubuya Kwabakwa-Israyeli NabakwaJuda
4“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade,
“abakwa-Israyeli, nabakwaJuda
bayakuza behamba kanyekanye,
bayakuhamba bekhala,
befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.
5Bayakubuza indlela eya eZiyoni,
bebhekise amabombo abo kulo, bethi:
wozani nizihlanganise noSimakade
ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.
6“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo;
baphambukiswe ngabelusi babo,
babazulazulisa ezintabeni,
basuka entabeni, baya egqumeni,
bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.
7Bonke ababafumanayo babashwabadela;
abamelene nabo bathi:
‘Asinacala,
ngokuba yibo abonile kuSimakade;
ikhaya labo lokulunga,
uSimakade, ithemba lokhokho babo.’
8“Balekani eBhabhele,
niphume ezweni lamaKhaledi,
hambani, nifane nezimpongo zihola umhlambi.
9Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,
ngiwukhuphule umfelandawonye
wezizwe ezinamandla,
zivela ezweni enyakatho,
ngizilethe eBhabhele;
ziyakuzihlela kahle,
zilinqobe,
lapho imicibisholo yalo iyofana
neyengwazi engabuyi ilambatha.
10IKhalideya liyakuba yimpango;
bonke abaliphangayo bayokweneliswa,” kusho uSimakade.
Ukuwa KweBhabhele
11“Noma ningathokoza,
niqhoshe, nina baphangi befa lami;
noma ningagxumagxuma
njengesithokazi otshanini obuluhlaza,
nikhalise okwamahhashi anamandla;
12kodwa unyoko owakuzalayo uyakujabha kakhulu,
ayangaze.
Bheka, uyakuba yisizwe sokugcina,
ihlane, umhlabathi owomileyo, nogwadule.
13Ngenxa yentukuthelo kaSimakade
aliyukuhlalwa muntu,
kodwa lonke liyakuba yincithakalo.
Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala,
banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.
14“Nina nonke eninsala imicibisholo,
manini ngomumo,
nimelane neBhabhele,
nilicibe, ningayigodli imicibisholo,
ngokuba lonile kuSimakade.
15Khuzani iziqubulo zempi nxazonke;
lize liphakamise izandla lithi: maluju!
Imibhoshongo yalo iyakuwa,
izingange zalo ziyakudilizwa,
ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade;
phindiselani kulo, njengokuba lenzile,
yenzani kanjalo kulo.
16Nqumani umhlwanyeli eBhabhele
nophethe isikela ngesikhathi sokuvuna;
ngenxa yenkemba yomcindezeli,
yilowo nalowo abuyele kubantu bakubo,
abalekele ezweni lakubo.
17“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile;
izingonyama zimxoshile.
Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya,
eyokugcina eqhoboze amathambo akhe,
yinkosi yaseBhabhele.”
18Ngalokho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:
“Bheka, ngiyakuyijezisa inkosi yaseBhabhele nezwe layo,
njengalokhu ngayijezisa inkosi yase-Asiriya.
19Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe,
aklabe eKharmeli naseBhashani,
adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
20Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade,
“kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli,
kodwa aliyukutholakala,
nangezono zakwaJuda,
kepha aziyukufunyanwa,
ngokuba ngiyakubathethelela
engiyakubashiya ukuba babe yinsali.
21“Hlasela izwe eMerathayimi,
nalabo abakhileyo ePhekodi,
babulale, ubaqede nya,
ungashiyi lutho,
ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.
22Kuzwakala iziqubulo zempi ezweni
nezembumbiso enkulu.
23Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando
somhlaba wonke,
yeka ukwenziwa kweBhabhele
incithakalo ezizweni!
24Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele,
ungakazi ngalokho;
wafunyanwa, wabanjwa,
ngokuba ulwile noNkulunkulu.
25USimakade uyivulile indlu yakhe yezikhali,
uzikhiphile izikhali zentukuthelo yakhe,
ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla
inomsebenzi ezweni lamaKhaledi.
26Lithelekeleni nilihlasele;
niqhamuka emingceleni,
nivule izinqolobane zalo,
nilinqwabele libe njengezindunduma,
niliqede nya, kungasali lutho kulo.
27Hlabani zonke izinkunzi zalo;
mazehle ziyohlatshwa.
Maye kuzo!
Ngokuba usuku lwazo selufikile;
isikhathi sokujeziswa kwazo.
28Ngumsindo wababalekayo
nabaphunyuka eBhabhele,
bamemezela eZiyoni
impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu,
impindiselo ngethempeli lakhe!
29“Bizani abemicibisholo,
balwe neBhabhele;
bonke abansala umnsalo,
nikanise nxazonke zalo,
kungaphunyuki namunye;
niliphindisele njengezenzo zalo,
nenze kulo njengoba nalo lenzile,
ngokuba lizikhukhumezile,
ladelela uSimakade
oNgcwele ka-Israyeli.
30Ngalokho izinsizwa zalo
ziyakuwa emigwaqweni yalo,
nawo wonke amabutho alo
ayakubhujiswa ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.
31“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,
ngokuba usuku lwakho selufikile,
isikhathi sokujeziswa kwakho,”
kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
32“Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe,
angabi naye omvusayo.
Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe,
udle konke okumzungezayo.”
33Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:
“Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda
bacindezelwe kanyekanye;
bonke ababathumbileyo bababamba;
ababavumeli ukuba bahambe.
34Kepha umkhululi wabo unamandla,
nguSimakade Wamabandla igama lakhe;
uyakuyimela nokuyimela indaba yabo,
ukuba aphumuze umhlaba,
kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.
35“Mawadliwe yinkemba amaKhaledi,
abakhileyo eBhabhele,
izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.
36Inkemba ifike phezu kwabaphrofethi bamanga,
babe yiziwula;
inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo,
aphele amandla.
37Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo,
izinqola zalo,
naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo,
babe njengabesifazane;
inkemba ifike phezu kwengcebo yalo,
ize iphangwe.
38Makufike isomiso emanzini alo,
aze ashe,
ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo,
bahlanyiswa yizithombe zabo
ezibaziweyo, ezesabekayo.
39“Ngalokho izilwane zasehlane
ziyakuhlala nezimpungushe,
kuhlale khona nezintshe;
alisayukuhlalwa kuze kube phakade,
lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.
40Njengalokho uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora,
nemizi yawo eyakhelene,
kanjalo akuyukuhlala muntu khona,
kungagogobali lapho indodana yomuntu,” kusho uSimakade.
41“Bheka, kuqhamuka abantu enyakatho,
isizwe esikhulu namakhosi amaningi,
kuvuswe ekugcineni komhlaba.
42Babamba umnsalo nomkhonto;
banonya, abanamusa;
umsindo wabo uzwakala
njengokuduma kolwandle;
bagibele amahhashi,
bahlelwe njengamabutho
eyohlasela indodakazi yaseBhabhele.
43Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo,
izandla zayo zaba buthakathaka;
usizi luyibambile,
nemihelo njengeyobelethayo.
44Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani,
iya emadlelweni aluhlaza;
ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele,
ngibaxoshe ezweni labo.
Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse.
Ngokuba ngubani onjengami na?
Ngubani ongangiphosela inselelo na?
Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”
45Ngakho-ke yizwani amasu
uSimakade awacebele iBhabhele
nakuhlose ngezwe lamaKhaledi:
impela abancinyane emhlanjini
bayohudulwa, basuswe,
indawo abakuyo ayenze
ibe yincithakalo ngenxa yabo.
46Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele,
umhlaba uyakuthuthumela,
umsindo wokukhala kwabo kalusizi,
uyozwakala ezizweni.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 50: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume