UJeremiya 52

52
Ukuwa KweJerusalema
1UZedekiya waqala ukubusa eneminyaka engama-21, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina. 2Wenza okubi phambi kukaSimakade okunjengakho konke okwakwenziwe nguJehoyakimi. 3Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.
4Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwayo, kwafika eJerusalema uNebhukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nawo wonke amabutho akhe, balivimbezela. Bakanisa ngaphandle komuzi, bakha khona udonga lokuvimbezela nxazonke. 5Umuzi wawuvimbezela kanjalo-ke, kwaze kwaba ngunyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya.
6Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe. 7Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha. 8Kepha amabutho amaKhaledi ayihubha inkosi, amfica uZedekiya emathafeni aseJerikho, amabutho akhe wonke ahlakazeka. 9Ayibamba inkosi, aya nayo enkosini yaseBhabhele, eRibhila, eHamathi, wayigweba. 10Inkosi yaseBhabhele yawabulala amadodana kaZedekiya ezibonela ngawakhe amehlo. Yazibulala zonke nezikhulu zakwaJuda eRibhila. 11Inkosi yaseBhabhele yamkopolota amehlo uZedekiya, yambopha ngamaketanga, yamyisa eBhabhele, yamfaka ejele, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.
12Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okwakungunyaka we-19 wokubusa kwenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele. 13Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa. 14Wonke amabutho amaKhaledi ayenenduna yabalindi azidiliza zonke izingange eJerusalema. 15UNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abantu abathile ababempofu, ababesele emzini, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhele, nezingcweti ezazisele. 16Kepha uNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abathile bezwe, ababempofu, ukuba basebenze ezivinini nasemasimini.
17Izinsika zethusi ezazisesigodlweni, izinqe, ulwandle lwethusi, konke okwakusendlini kaSimakade; amaKhaledi akufahlaza, kwathi konke okwakwenziwe ngethusi kwathuthelwa eBhabhele. 18Amabhodwe, amafosholo, izizenze, imicakulo, izinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngakho, akuthatha. 19Induna yabalindi yathatha izindebe, imicengezi yomlilo, izitsha, amabhodwe, izinti zezibani, izinkezo, izinkamba, okwakwenziwe ngegolide elicwengekileyo nesiliva elicwengekileyo.
20Izinsika zombili, ulwandle olwalulunye nje luhlangene nezinkabi ezili-12 zethusi ezaziphansi kwalo, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaSimakade, ithusi lakho konke lokho lalingenakulinganiswa. 21Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakungamakhubhithi ali-18; umucu ongamakhubhithi ali-12 wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo. 22Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakungamakhubhithi ayisihlanu; kwakukhona nenetha namahananadi phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakwenziwe ngethusi; yayinjengaleyo nensika yesibili eyayinamahananadi. 23Kwakukhona amahananadi angama-96 ngasemaceleni; wonke amahananadi ayesenetheni nxazonke, ayeyikhulu.
24Induna yabalindi yathumba uSeraya, umphristi omkhulu, noZefaniya, umphristi wesibili, nabalindimnyango abathathu. 25Emzini yathumba induna eyayengamele amabutho, nabantu abayisikhombisa ababeluleka inkosi abatholakala emzini, umbhali wenduna yamabutho eyayibala abantu ezweni, nabantu ababesezweni abangama-60 abatholakala emzini. 26UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBhabhele, eRibhila. 27Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo. 28Nampa abantu uNebukhadinezari abathumbayo: ngonyaka wesikhombisa wathumba abaJuda abayizi-3 023, 29ngonyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari, wathumba eJerusalema abantu abangama-832. 30Ngonyaka wama-23 wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abaJuda abangama-745. Sebebonke abantu abathunjwayo babeyizi-4 600.
U-Evili Merodakhi Ukhulula UJehoyakini Ejele
31Kwathi ngonyaka wama-37 wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngolwama-25 nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodakhi, inkosi yaseBhabhele; ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, wamxolela uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, wamkhipha ejele. 32Wakhuluma kahle naye, wamnika isikhundla esiphezulu kunesamanye amakhosi ayenaye eBhabhele. 33Wazikhumula izingubo zakhe zasejele; wadla njalo etafuleni lakhe, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 34Isabelo sakhe kwakuyisabelo esingapheli semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBhabhele, zonke izinsuku zokuphila kwakhe, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 52: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume