U-Izaya 43:18-21

U-Izaya 43:18-21 ZUL20

“Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo, abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Izaya 43:18-21