U-Isaya 43:18-21

U-Isaya 43:18-21 ZUL59

“Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo, laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 43:18-21