U-Isaya 43:18-21
U-Isaya 43:18-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo, abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.
U-Isaya 43:18-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo, laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.
U-Isaya 43:18-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ningacabangi ngezinto zakuqala, ningacabangi ngezinto zasendulo. Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, izimpungushe nezikhova, ngokuba ngiyakuphuzisa abantu bami abakhethiweyo bami amanzi ehlane nemifula ehlane. Ngazibumbela laba bantu; bayakumemezela udumo lwami.