U-Izaya 41:10-13

U-Izaya 41:10-13 ZUL20

Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. “Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe. Uyakubafuna, kodwa awuyukubafumana; labo bantu abaxabana nawe, abalwa nawe, bayakuba njengento engelutho, nanjengeze. Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, okubamba ngesandla sakho sokunene, athi kuwe: ungesabi, ngiyakusiza.