U-Izaya 18:1-6

U-Izaya 18:1-6 ZUL20

Maye, kuwe lizwe elibhakuzisa amaphiko, eliphesheya kwemifula eKhushe, elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula. Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo. Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.” Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse. Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.