U-Isaya 18:1-6

U-Isaya 18:1-6 ZUL59

Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe, elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula. Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa. Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.” Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse. Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.