U-Isaya 18:1-6
U-Isaya 18:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Maye, kuwe lizwe elibhakuzisa amaphiko, eliphesheya kwemifula eKhushe, elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula. Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo. Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.” Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse. Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.
U-Isaya 18:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe, elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula. Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa. Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.” Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse. Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
U-Isaya 18:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Maye ezweni elisibekelwe ngamaphiko, elingaphesheya kwemifula yaseKushe! othuma izithunywa ngasolwandle, yebo, ngezimbiza zomhlanga phezu kwamanzi, ukuthi: Hambani, nina zithunywa ezinejubane, esizweni esihlakazekile nesihlukene phakathi, kubantu abesabekayo kusukela ekuqaleni kuze kube manje; isizwe esilinganisiwe, esinyathelweyo, esilizwe laso imifula yalichitha; Nina nonke enakhileyo emhlabeni nabakhileyo emhlabeni, bhekani lapho ephakamisa ibhanela ezintabeni; futhi lapho eshaya icilongo, uyezwa. Ngoba itsho njalo iN kosi kimi: Ngizaphumula, futhi ngizalalela endaweni yami yokuhlala njengokutshisa okutshisayo phezu kwemifino, lanjengeyezi lamazolo ekushiseni kokuvuna. Ngoba ngaphambi kokuvuna, lapho ihlumela seliphelele futhi izithelo zomvini ezimuncu sezivuthiwe embalini, kumelwe anqume amagatsha ngemimese yokuthena imithi futhi asuse amagatsha futhi awanqume. Ayakushiyelwa ndawonye abe izinyoni zezintaba nezilwane zomhlaba, izinyoni ziyakuba phezu kwawo ehlobo, nezilwane zonke zomhlaba zingene ebusika phezu kwawo.