UHoziya 10

10
Umphumela Wokungamesabi USimakade
1U-Israyeli wayengumvini owenabileyo,
wathela izithelo zakhe eziningi,
ngokwanda kwesithelo sakhe
wandisa ama-althare akhe;
kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe
wenza izinsika ezingcwele.
2Inhliziyo yabo inobuqili;
manje-ke bayakulithwala icala labo.
USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo,
abhidlize izinsika zabo ezingcwele.
3Impela, manje bayakuthi:
“Asinankosi, ngokuba asimesabanga uSimakade;
pho inkosi ibizosenzelani na?”
4Bakhuluma amazwi nje,
bafunga amanga,
benza isivumelwano;
bese kuqubuka ukwehlulela
njengesithombo esinobuthi emiseleni yamasimu.
5Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba
ngenxa yethole laseBhethi Aveni,
ngokuba abantu bakhona
nabaphristi balo bayakulililela,
phela udumo lwalo selushabalele kulo.
6Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya
libe yisipho senkosi uJarebi;
u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo,
u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.
7ISamariya nenkosi yalo kuyomuka njengebazela
lintanta emanzini.
8Izindawo eziphakemeyo e-Aveni,
eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa.
Kuyakumila ameva namakhakhasi
kumboze ama-althare abo;
bayakuthi ezintabeni:
“Simbozeni,”
bathi emagqumeni:
“Welani phezu kwethu.”
9“Israyeli, selokhu wona
kusukela ezinsukwini zaseGibheya.
Bahlala lapho;
impi nabantu bobubi
ayiyukubafica eGibheya na?
10Kuyakuthi uma sengithanda, ngibajezise.
Izizwe ziyakubahlanganyela
lapho zibabopha ngeziphambeko zabo eziphindwe kabili.
11U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,
esithanda ukubhula okusanhlamvu;
ngizomgaxa ijoka entanyeni yakhe enhle,
u-Efrayimi ngimdonsise,
uJuda alime,
uJakobe azicubuzele amagade.
12Zihlwanyeleleni ukulunga,
nivune umlomo wothando,
niqathe insimu yenu engalinyiwe,
ngokuba sekuyisikhathi sokufuna uSimakade,
aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
13Nilime inkohlakalo,
navuma ukungalungi,
nidle isithelo senkohliso,
ngokuba nethembela endleleni yenu
nasebuningini bamabutho enu.
14Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,
zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho,
njengencithakalo eyenziwa uShalimani,
eBhethi Aribheli ngosuku lwempi,
kuphihlizwa unina nezingane.
15Kuyokwenziwa kanjalo nakuwe Bhethele,
ngenxa yokonakala okukhulu;
inkosi yakwa-Israyeli iyobhujiswa
iphele nya entathakusa.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume