UHoziya 11

11
Uthando LukaNkulunkulu Ngo-Israyeli Ongathembekile
1“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda;
ngayibiza indodana yami
ukuba iphume eGibhithe.
2Lapho bebabiza, basuka kubo;
bayohlabela oBhali,
bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.
3Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi;
ngabagona ngezingalo zami,
kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4Ngabadonsa ngezintabo zomuntu,
ngamagoda othando;
ngaba kubo njengophakamisa
ijoka entanyeni yabo,
ngakhothamela kuye,
ngamnika ukudla.
5“Abayukubuyela eGibhithe,
i-Asiriya libe yinkosi yabo,
njengoba benqaba ukuphenduka na?
6Inkemba iyophenduphenduka
idle lubi emizini yabo,
ishabalalise imigoqo yabo,
ibashwabadele ngenxa yamaqhinga abo.
7Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi,
noma bangambiza kangakanani oPhezukonke,
ngeke abaphakamise.
8“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi,
ngikukhaphele kanjani, Israyeli na?
Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,
ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na?
Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi,
sonke isihawu sami sivusiwe.
9Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo,
noma ngibhubhise u-Efrayimi,
ngokuba nginguNkulunkulu,
angisiye umuntu,
ngingongcwele phakathi kwenu,
angiyukufika ngolaka.
10Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama,
ngokuba uyakubhonga,
qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela,
bevela entshonalanga.
11Bayakuza bethuthumela njengenyoni
bevela eGibhithe,
njengejuba bephuma e-Asiriya,
ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.
12U-Efrayimi ungizungeze ngamanga,
nendlu ka-Israyeli ngenkohliso;
uJuda uvukelana noNkulunkulu
noNgcwele othembekileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume