UHoziya 9

9
UHoziya Umemezela Ukuthunjwa Kuka-Israyeli
1Israyeli, ungajabuli,
ngokuthokoza okufana nokwabezizwe,
ngokuba uzifebele wena,
wahlubuka kuNkulunkulu wakho,
wathanda inkokhelo yesifebe
kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.
2Isibuya nesikhamo sewayini akuyukubondla,
newayini elisha liyakumdumaza.
3Abayukuhlala ezweni likaSimakade,
u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe,
badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.
4Abayukumthungela uSimakade iwayini,
nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye,
isinkwa sabo siyakuba
njengesinkwa sokulila kubo,
kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona.
Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo,
asiyukungena endlini kaSimakade.
5Niyokwenzenjani ngosuku lwedili,
nangosuku lomkhosi kaSimakade na?
6Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni,
kodwa iGibhithe liyakubabutha,
iNofi ibambele;
ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane,
kube nameva emathendeni abo.
Umphrofethi Uziphendulela Ngokuchwenswa Kwakhe
7Sezifikile izinsuku zokujeziswa,
izinsuku zokuphindisela,
u-Israyeli makakwazi lokho.
Umphrofethi uyisiwula,
umuntu onomoya uyahlanya
ngenxa yeziphambeko zakho eziningi
nangobutha obukhulu.
8Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi
kanye noNkulunkulu wami,
kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni
kuzo zonke izindlela zakhe,
nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
9Sebeshone shi enkohlakalweni
njengasezinsukwini zaseGibheya;
uyakukhumbula iziphambeko zabo,
abajezisele izono zabo.
10“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,
ngabona okhokho bakho
njengolibo lomkhiwane
emkhiwaneni lapho uqala.
Kepha bafika eBhali Pheyori,
bazinikela ehlazweni,
baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.
11Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni,
kungabi bikho kuthatha sisu,
kukhulelwa nakuzala.
12Noma bangakhulisa izingane zabo,
kodwa ngiyakubephuca zona zonke.
Maye impela kubo,
lapho ngibafulathela!
13Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire,
etshalwe endaweni evundileyo,
kepha u-Efrayimi uyakukhiphela
izingane zakhe kumbulali.
14“Simakade, banike.
Ngabe uyakubanikani na?
Isisu esiphuphumileyo
namabele angenalubisi.
15Bonke ububi babo buseGiligali,
impela ngabazonda khona lapho;
ngenxa yobubi bezenzo zabo
ngiyakubaxosha endlini yami,
angiyukubathanda futhi;
zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.
16U-Efrayimi unqundiwe,
impande yabo yomile,
abayukuthela sithelo.
Noma bangazala,
kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”
17UNkulunkulu wami uyakubalahla,
ngokuba abamlalelanga,
bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume