UHoziya 8

8
Ukujeziswa Ngenxa Yokukhonza Izithombe
1“Beka uphondo emlonyeni wakho;
onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade,
ngokuba basephulile isivumelwano sami,
bamelana nomthetho wami.
2Bakhala kimi bathi:
‘Nkulunkulu wethu,
thina Israyeli siyakwazi.’
3U-Israyeli ukwenqabile okuhle;
isitha siyakumxosha.
4Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi;
babeka abaholi ngingazi;
bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo,
ukuze kunqunywe.
5Samariya, ngilahle ithole lakho;
intukuthelo yami iyabavuthela;
kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?
6Ngokuba livela kwa-Israyeli,
ingcweti ilenzile,
kodwa alisiye uNkulunkulu;
impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.
7“Ngokuba bahlwanyele umoya,
bayakuvuna isivunguvungu;
uhlanga alunantshakaza,
alukhiqizi mpuphu;
uma luyikhiqiza,
iyakushwabadelwa ngabafokazi.
8U-Israyeli uyagwinywa,
manje sebephakathi kwabezizwe
njengesitsha okungekho ntokozo kuso.
9Ngokuba bakhuphukele e-Asiriya
bazihambela njengembongolo yasendle;
u-Efrayimi ucubuzile ezithandweni zakhe.
10Noma ngabe sebezithengise kwabezizwe,
kepha manje sengiyakubaqoqa,
sebeqala ukonda ngenxa yomthwalo
wenkosi yezikhulu.
11“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-althare
emihlatshelo yesono;
esephenduke ama-althare emihlatshelo yesono.
12Noma ngimlobele okuningi komthetho wami,
kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.
13Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba,
badle inyama yayo,
kodwa uSimakade akayithokozeli.
Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo,
abajezise ngezono zabo,
babuyele eGibhithe.
14Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe,
wakhe izigodlo,
uJuda wandisa imizi ebiyelweyo.
Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe,
ungqongqise izinqaba zakhe.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume