Kepha manje uKhristu usefike waba ngumphristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula ithabanakeli elikhulu nelipheleleyo, elingenziwanga ngezandla, okusho ukuthi okungesilo elalokhu kudalwa; wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.
Ngokuba lapho kukhona isabiwo sefa, kufuneka ukuba kube nesiqiniseko sokuthi owasenzayo usefile, ngokuba isabiwo sefa sisebenza kuphela uma sekufiwe, asikwazi ukuba namandla nxa esekhona owasenzayo. Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi. Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke, ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”
Kanjalo wafafaza ithabanakeli nazo zonke izitsha zenkonzo ngegazi. Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.
Ngakho-ke kudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe kanjalo, kodwa okusezulwini kufanele kuhlanzwe ngeminikelo engcono kunalena. Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umphristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe. Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa, kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.