KumaHeberu 9:11-28

KumaHeberu 9:11-28 ZUL59

Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo. Ngokuba lapho kukhona itestamente*, kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo; ngokuba itestamente* lisebenza sekufiwe, ngokuba alize lingaba namandla esekhona owalenzayo. Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi. Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke, ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.” Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi. Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa. Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena. Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe; uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa, kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 9:11-28