KumaHebheru 5:11-14

KumaHebheru 5:11-14 ZUL20

Kuningi esingakusho ngalokho, kodwa kulukhuni ukunichazela, ngokuba nilukhuni ukuzwa. Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo nalowo osaphuza ubisi akakakuqondi okwezwi lokulunga, ngokuba useyingane. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 5:11-14