KumaHeberu 5:11-14
KumaHeberu 5:11-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Sinokuningi esingakusho ngaye, okunzima ukukukhulumela, lokhu nina niba buthuntu ekuzweni. Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo. Ngokuba yilowo nalowo odla ubisi akahlakaniphile izwi lokulunga, ngokuba uyingane. Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.
KumaHeberu 5:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuningi esingakusho ngalokho, kodwa kulukhuni ukunichazela, ngokuba nilukhuni ukuzwa. Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo nalowo osaphuza ubisi akakakuqondi okwezwi lokulunga, ngokuba useyingane. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.
KumaHeberu 5:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni. Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.
KumaHeberu 5:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)