KumaHebheru 5

5
Umphristi Omkhulu Ubizwa NguNkulunkulu
1 Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2 ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka; 3 ngenxa yabo, kufanele ukuba njengalokhu enikela imihlatshelo ngenxa yezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. 4 Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.
UKhristu Ungumphristi Obiziweyo
5 Kanjalo noKhristu akazinikanga Yena udumo lokuba ngumPhristi Omkhulu, kodwa wadunyiswa yilowo owakhuluma kuye wathi:
“Wena uyiNdodana yami;
namuhla ngikuzele.”
6 Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi:
“Wena ungumphristi kuze kube phakade
ngokokuma kukaMelkhizedeki.”
7 Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. 8 Nakuba eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, 9 okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo. 10Wabizwa nguNkulunkulu ngokuthi ungumphristi omkhulu ngokokuma kukaMelkhizedeki.
Isixwayiso Ngokuhlubuka
11Kuningi esingakusho ngalokho, kodwa kulukhuni ukunichazela, ngokuba nilukhuni ukuzwa. 12 Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo. 13 Ngokuba lowo nalowo osaphuza ubisi akakakuqondi okwezwi lokulunga, ngokuba useyingane. 14 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume