KumaHebheru 4

4
Isithembiso Sokungena Ekuphumuleni
1 Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona. 2 Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa. 3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi:
“Kanjalo ngafunga ngithukuthele,
ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ”
nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba. 4 Phela endaweni ethile ushilo ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke.”
5 Nakule ndawo futhi, uthi: “Abayukungena nhlobo ekuphumuleni kwami.”
6 Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo. 7 Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”
8 Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku. 9Ngakho-ke likhona iSabatha kubantu bakaNkulunkulu. 10 Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uyaphumula emisebenzini yakhe njengalokhu uNkulunkulu aphumula kweyakhe.
11Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.
Izwi LikaNkulunkulu Liphilile, Linamandla
12 Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo. 13 Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.
SinomPhristi Omkhulu Ongasisiza
14 Ngakho-ke lokhu sinomPhristi omkhulu kakhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu. 15 Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono. 16 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo