KumaHebheru 3

3
UKhristu Mkhulu KunoMose
1 Ngakho-ke bazalwane abangcwele enihlanganyela obizweni lwasezulwini, bhekisisani umPhostoli nomPhristi omkhulu wesivumo sethu, uJesu, 2 owethembeka kulowo owammisayo, njengoMose naye owayenjalo endlini yakhe yonke. 3 Ngokuba lo ubonakale eyifanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu umakhi wendlu unodumo olukhulu kunendlu. 4Ngokuba indlu nendlu yakhiwa ngothile, kodwa owakhe konke nguNkulunkulu. 5UMose wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, ukuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa. 6 Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.
Abakholwayo Mabangadeleli Izwi Lakhe
7 Ngakho-ke njengalokhu uMoya oNgcwele esho:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu
njengasekuhlubukeni ngosuku lokulingwa ehlane,
9lapho okhokho benu bangilinga bengihlola,
nakuba babeyibonile imisebenzi yami.
10Ngalokho-ke iminyaka engamashumi amane,
nganengwa yileso sizukulwane,
ngaze ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,
abazange bazazi izindlela zami,’
11njengalokhu ngafunga ngithukuthele,
ngathi: ‘Abayukungena ekuphumuleni kwami.’ ”
12 Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo, 13kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono. 14 Ngokuba singabahlanganyela kuKhristu, uma impela sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15Uma kuthiwa:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni.”
16 Pho-ke yibaphi abezwayo bahlubuka na? Akusibo yini bonke abaphuma eGibhithe ngoMose na? 17 Ngobani-ke ayebathukuthelele iminyaka engama-40 na? Kwakungesibo yini labo abonayo, abazidumbu zabo zadindiliza ehlane na? 18 Ngobani futhi afunga kubo wathi abayukungena ekuphumuleni kwakhe uma kungesibo labo abangamlalelanga na? 19 Siyabona ukuthi babengeke bangene ngenxa yokungakholwa.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume